Bayede News

Uhlonishwe esaphila ngeqhaza alibamba kumkhalambazo uSensei Chamane

Okunye anconywa ngakho ukufaka lo mdlalo kwaboHlanga izinto zisenzima

nguSabelo Maphumulo

Kuhle umuntu uma ehlonishwa noba ebongwa, kwenzeke lokho esadla anhlamvana kunokuthi kwenziwe ngoba esengasekho emhlabeni.

Umphakathi waKwaMashu ngempelasonto edlule ubuwenze indumezulu yomcimbi obekuhlonishwa kuwo uSensei Muzomusha Lameck Chamane. Lo mcimbi ububanjelwe KwaMashu Indoor Sport Center.

USensei Chamane oneminyaka yobudala engama-82 ufaniswa njengobaba womkhalambazo endaweni yaKwaMashu namaphethelo, kwazise kulo nyaka uqeda iminyaka engama-57 aqala ukuzibandakanya kulo mdlalo njengomqeqeshi. Waqala ukuqeqesha ngonyaka we-1966 lapho wabe eneminyaka yobudala engama-25.

Ekhuluma nelaboHlanga uSensei Chamane ngokuhlonishwa kwakhe uthe: “Ngiswele amazwi engingawaphimisa. Uke uthi mawenza into ungazi ukuthi ekugcineni uyobongwa njengeqhawe. Lo mdlalo nginothando olukhulu lawo kwala noma sekufika izikhathi ezinzima eminyakeni edlule, kodwa ngangingapheli amandla ngoba bengisho ngithi kunentsha enothando lwalo mdlalo okumele ngiyinakekele ngiyifundise nangawo” usho kanje.

Ngokusho kwakhe uSensei Chamane uthe lo mdlalo wawuqala mhla zimbili kuNhlolanja we1966, kusukela lapho akabange esabheka emumva.

“Lo mdlalo ngaqala ukuba nothando lawo ngezikhathi zobandlululo, njengoba ngakhululela eMkhumbane iningi labantu besilisa labe liphatha imese yokuzivikela amaphoyisa ayekubopha uma ekubamba uwuphethe. Omunye wabe esengixoxela ukuthi kunomdlalo womkhalambazo odlalwa ngaseKhongela, ngabe sengifunda ukuthi lo mdlalo uyakwazi ukuzivikela ngawo awusidingi isikhathi esiwumese. Emvakwalokho ngabe sengiqala ngiwudlala, kusukela lapho angibange ngisabheka emumva. Kwenzeka konke lokhu ikhona eminye imidlalo engasengiqale kuyona okuwunobhutshuzwayo namankomane, kodwa ngenxa yokungahambi kahle kwezinto ngayeka phansi” kusho uSensei Chamane.

Ngowe-1968 uSensei Chamane waqala ukuqeqeshwa ngaphansi kukaSensei uZungu okunguye owasungula iSchool of Karate Kwa-Mashu, uSensei Chamane waqokwa njengomsizi wakhe. USensei Chamane ngemuva kokuthola ibhande elinsundu kuSense

Zungu, waqhubeka nokuziqeqesha ngaphansi kukaSensei

Rob Ferriere, ongumqondisi noyinhloko ye-JKA Shotokan Karate esifundazweni iKwaZulu-Natal.

USensei Chamane wathola ibhande lakhe elimnyama (Black Belt) ngonyaka we-1980, ngonyaka wezi-2012 wathola ibhande lesihlanu elimnyama (5th Dan Black Belt) okuyinto enkulu kakhulu kulo mdlalo. Akugcinanga lapho njengoba ahlonishwa iSouth African JKA Karate Association ngomklomelo we-30 Years Special Award. Kuthe ngowezi-2014 wahlonishwa uMkhandlu weTheku ngokubamba iqhaza kulo mdlalo, emcimbini owawubanjelwe e-ICC eThekwini.

Yize isihambile iminyaka kodwa ngothando analo kulo mdlalo, usaqhubeka nokulekelela ekuqeqesheni intsha KwaMashu Indoor Sports Centre. Uthe unabo abaqeqeshi ababili besilisa noyedwa wesifazane abaqeqeshayo, yena bese eyabalekelela yize engasenzi okuningi yena.

Eqhuba uthe: “Njengoba ngineminyaka engama-57 ngikuKarate, make ngafika kwengama-60 ngizobe sengithi khumu kuwona. Sengikhiqize abantu abangaphezulu kwabangama-20 abagqoke amabhande amnyama. Isifiso enginaso ukuthi, abantu abaqeqeshwe imina bezivulele izikhungo zabo nabo bakhiqize oSensei bakusasa. Akungijabulisi ukuthi uma kukhulunywa ngomkhalambazo kulokhu kufakwa igama lami, isikhathi sokuthi kugqame abanye” kusho uSensei Chamane nathe awukho

umdlalo ofika kulo ngokufundiswa ukuhlonipha nendlela yokuziphatha.

Esonga ubalule kumuphatha kabi ukuthi useyoze alale kobandayo lo mdlalo ungakutholwa ukwesekwa ngendlela.

Imiqhudelwano eminingi kumele lowo nalowo azikhiphele yena ephaketheni, abanye begcina bengakwazi ukudlala kwimiqhudelwano emikhulu ngenxa yokungabi nayo inkece. “Ngiyafisa kube khona ushintsho sesiyilwe kakhulu lempi kodwa asiyinqobi. Eminye imidlalo iyesekwa lo wethu akwenzakali lutho. Angisho ukuthi abaxhase isikhungo sami okanye mina uqobo, kodwa lo mdlalo iNingizimu Afrika yonke. Eminyakeni engama-57 ngiyingxenye yalo mdlalo angikhumbuli sithola ukunakeka okufanele” kubeka uSensei Chamane.

ElaboHlanga likhulume noSensei Johanne Sibiya, ophethe amabhande amnyama amathathu naye owaphuma ngaphansi kwesandla sikaSensei Chamane.

“Kuyintokozo enkulu ukubonga kukababa wethu lapha kumkhalambazo. Uthathe lo mdlalo kubelungu wawufaka kubantu boHlanga, okuyinto impela adinga ukubongwa ngayo kakhulu. Namhlanje nginamabhande amnyama nje kuyimsebenzi yakhe” kusho uSensei Sibiya owangena kulo mdlalo ngonyaka we-1976.

USensei Sibiya uphinde abe uMfundisi, uthe unguMfundisi nje kungenxa kwezimfundiso zikaSensei Chamane, loluqweqwe lomkhalambazo lukhiqize oThisha noDokotela imbala.

EZEMIDLALO

zu-za

2023-05-26T07:00:00.0000000Z

2023-05-26T07:00:00.0000000Z

https://bayedenews.pressreader.com/article/281818583202772

Igunundu Press