Bayede News

Isazibophezele ngenuzi

ngu-Anathi Mtaka ENorth Korea

Umholi waseNorth Korea uthe izwe lakhe lihlose ukuba namandla enuzi amakhulu kunawo wonke emhlabeni njengoba ekhuphule inqwaba yamasosha abambe iqhaza ekuthulweni kwakamuva komcibisholo omusha weballistic.

Umholi waseNorth Korea uKim Jong Un uthe izwe lakhe lihlose ukuba namandla enuzi amakhulu kunawo wonke emhlabeni njengoba ekhuphule inqwaba yamasosha abambe iqhaza ekuthulweni kwakamuva komcibisholo omusha we-ballistic, kubika abezindaba zombuso ngeSonto.

Lesi simemezelo siza ngemuva kokuthi uKim ehlole ukudubula kwemicibilishoyo ngomhla zili18 kuLwezi kwe-Hwasong-17, umcibisholo omkhulu we

intercontinental ballistic (ICBM) waseNorth Korea omkhulukazi futhi wathembisa ukulwa nalokho akubiza ngokuthi izinsongo zenuzi zaseMelika.

“Inhloso enkulu yeNorth Korea ukuba namandla amakhulu emhlabeni wonke, amandla angakaze abonwe kuleli khulu leminyaka,” kusho uKim embhalweni wokukhuthaza lezi zikhulu, wengeza ngokuthi ukwakha amandla enuzi yezwe kuzolivikela ngokuthembekile isithunzi nokuzimela kwalelizwe kanye nezakhamuzi zalo.

Uchaze iHwasong-17 “njengesikhali samasu esinamandla kunazo zonke emhlabeni” futhi wathi ikhombisa ukuzimisela nekhono leNorth Korea ekugcineni yakhe umbutho onamandla emhlabeni jikelele.

Ososayensi baseNorth Korea benze “igxathu elimangalisayo eliya phambili ekuthuthukisweni kobuchwepheshe bokufaka izikhali zenuzi kwimicibilishoyo,” futhi bekulindeleke ukuthi banwebe futhi baqinise amandla ezwe okuvimbela amandla enuzi ngesivinini esisheshayo, uKim ucashunwe esho kanjalo.

UKim uvele ezithombeni nososayensi, onjiniyela kanye nezikhulu zamasosha ezibambe iqhaza kulolu vivinyo. Ngokusho kwabezindaba zombuso, labo basebenzi bazibophezele ukuvikela “igunya eliphelele” leqembu kanye noKim, futhi bafunga ukuthi “imicibisholo yethu izondiza ngamandla kuphela lapho ithunyelwe khona” kusho uKim.

Njengoba ikwazi ukufinyelela ezweni lase-U.S., ukwethulwa kweHwasong-17 kwenze i-United States yacela isitatimende sikamongameli we-United Nations Security Council ukuze iphendule iNorth Korea ngokuhlola kwayo kwemicibisholo, okuvinjelwe yisinqumo soMkhandlu Wezokuphepha.

Abezindaba zombuso baphinde bakhombisa indodakazi kaKim Jong Un ihamba naye ngesikhathi ebuyekeza la maphoyisa. Ukuvela kwakhe okokuqala ngokungalindelekile esivivinyweni seHwasong-17 senyuse ithemba lokuthi ubuholi bezwe bungadlulela esizukulwaneni sesine somndeni wakwaKim.

IKHASI ELIMBOZAYO

zu-za

2022-12-02T08:00:00.0000000Z

2022-12-02T08:00:00.0000000Z

https://bayedenews.pressreader.com/article/281736978475156

Igunundu Press