Bayede News

Ukujula kabanzi

NguMehluleli u-Isaac Madondo

Yize abasentshonalanga babanegalelo ekubhebhethekeni kwenzondo, udlame nobubha phakathi kwethu thina kodwa ubuxoki nobumenemene yikho kanye okungumsusa wakho konke lokhu.

Ngowe-1986 imihlathi yakwaMbhono, iNgcuba neKhilomu yahlangana yalwa neZinquma kanye noMphansikwenkaba. Le mpi yaqala ngokuthi kubulawe oSitama noMgebisa bakwaJali eGoli, ababengaPhansikwentaba. Ngaphambi kokubulawa kwabo kwabakhona ukungezwani phakathi kweNgcuba noMphansikwentaba okwabe kulokhu kukhuzwa, nokho kwaphetha ngokufa kukaSimata noMgebisa. Empini eyalandela ibambene kwasala khona izihonga ezingoKenya wakwaMasikane nabanye. Kulempi kwagcina sekungenelela noThame lulwa ngasohlangothini lweNgcuba neKhilomu ngesizathu sokuthi kwathi abantu basoThame ababehamba ngekhumbi benqamula eZingulubeni beya eGoli badutshulwa bafela khona lapho, yilapho okwafa khona oMagqusha wakwaMalinga eNyonebombu nabanye. Empini eyalandela lapho eyayibambene eZingulibeni kwasala uThukuthela wakwaMakhaye, uToni wakwaNgubane, umfana kaMzizi nabanye. Ngo-1992 kwalwa impi phakathi kwesigodi sasoThame nesakwaMbhono kubangwa izibhamu ezathathwa iLosiya ngenkathi ilwa nomhlathi waseNyonebomvu. Lezi zibhamu iNyonebomvu yayiziboleke kubantu bakwaMbhono eNgcuba ukuze izisebenzise empini yayo neLosiya. Ngesikhathi kuliwa lezibhamu zagcina sezibuyela kwabaseLosiya. Abantu abafa kule mpi babengaphezulu kwabangama-50, kwebiwa imfuyo eningi kwadlengulwa nabesifazane. Empini eyabamba ngoZibandlela ka-1992 phakathi koMbhono noThame kwasala khona uMafana Malinga, Laxheni Ntsele, Gege Ndlovu, Mgxala Ndlovu, Mjabuliseni Phungula, Thembinkosi Malinga omfana kaLaduma nabanye ngasohlangothini lwasoThame. NangakwaMbhono kwafa abantu abangaphezulu kwama-20. Ayikho impi emaBomvini eyabanesihluku njengempi eyayiphakathi koMbhono noThame. UMehluleli uMjabuliseni Isaac Madondo oyiPhini likaMengameli WamaJaji KwaZulu-Natal nongumbhali wencwadi ethi: Umsuka Nemvelaphi Yomuntu Omnyama. Ngaleli bhuku ungashayela ku: 082 6952800.

IKHASI ELIMBOZAYO

zu-za

2022-12-02T08:00:00.0000000Z

2022-12-02T08:00:00.0000000Z

https://bayedenews.pressreader.com/article/281616719390868

Igunundu Press