Bayede News

Kumqoka futhi kuyakukhulisa ukuhlonipha abazali ezinganeni

Mpilenhle Mtaka

“Sizoyeka ukunondla,” kusho uMama

“Ngiyakuqonda lokho,” ngiphendula’

“Ungakhathazeki Harry. Lezi zinto azithathi isikhathi eside,” kusho uBaba

“Siyazi ukuthi ungumfana oqotho,” kwengeza uMama. “Kodwa izingane eziningi azikho qotho. Iphuzu elimqoka kulokhu lokuteleka ukuthi lbo abatelekile babe yimbumba.”

Kwahlangana amehlo umama nobaba. Banqekuzisa amakhanda bevumelana. Ubaba wathi ukuqalaza wangisndeza wase ethatha isandla sami wasivala ngemali eyiphepha engamadola ayishumi.

“Nansi,” esho ngezwi eliphansi.”ungenzi iphutha yimina engikunike lokho.”

Ngifika esikoleni ngalelolu langa lokuqala ekuseni, isimo sasishubile kunokujwayelekile.

Izindaba zokuteleka kwabazali zazingehlangana neze kahle. Uthishanhloko wayemi esangweni lesikole, eqashwe onogada.

“Sawubona,” ebingelela yonke ingane edlulayo sakuyintshontsha. Ukuphendula ayekuthola kwakunganamisi neze.

Uthisha wethu wazama ukuchazela ikilasi lethu ngesimo esikhona, echaza ngokuphela kwenhlonipho ezinganeni, ukuba yiziqhwaga nabantu abazenzela umathanda. Kodwa ayikho neyodwa ingane eyayikhombisa ukulalela.

“Bafanele ukusondla, lowo ngumsebenzi wabo.”

“Kunjalo akuwona umsebenzi wethu, yibo abasizala.”

“Kunjalo nje anginandaba kumele ngithole into engiyifunayo.”

Ngesikhathi samadina ngase ngilambe ngifa. Kodwa iwindi lasenkantini lalivaliwe. Kwakukhona isaziso ewindini.

“Ngicela ukubuza akhina amathuba okuthi sikwazi ukuthola okuya ngasethunjini ngesikhathi samadina?” kubuza mina.

Wangubuka phansi wangibuka phezulu

“Khohlwa lana akukho lutho.” Angithi uyazi ukuthi nathi singabazali. Funda isaziso ukuthi sithini.

Fundani inhlonipho

Ngathi ukuphefumula, ngasivumela isisu sami esikhalayo yindlala, ngavele ngahamba ngayofunda izincwadi zami zesikole. Kuse kusenjalo ngase ngibona isitha sami uShannon nabangani bakhe, abakujwayele vele ukuhlala kule ndawo. Namhlanje angazi kwenzenjani babe lapha, ngazama ukucasha ngesitulwana engangihleli kuso.

“Okwani lokho kunuka?” kusho uShannon ngezwi lakhe elinokudelela.

“Ini” isandwich lemandari,” kuphendula incelebane kaShannon uBlake sakumkhulumela.

“Liyasabisa. Yini lena ebovu efake kulona, kubuza uKirby enye incelebane yesibili. “Itomato sauce.”

“Wena uphetheni Kirby?” Kubuza uBlake ezama ukushintsha inkulumo.

“Ngiphethe ihot dog, kusho yena. “Unenhlanhla woza sidle,” kwazwakala umsindo wokuvuleka kwesitsha sokudla.

IZINGANE ZELABOHLANGA

zu-za

2022-09-30T07:00:00.0000000Z

2022-09-30T07:00:00.0000000Z

https://bayedenews.pressreader.com/article/281732683364628

Igunundu Press