Bayede News

Badlulisa izilokotho nonwele olude koNgangezwe Lakhe

Mhleli

Nathi ngapha kwisizwe samaXhosa kwesika Gcaleka sithi makakhule asifunze ngelo cephe lasebukhosini. Bayede! - nguTriple X Gwangqa

Mhleli

Hlanga Lomhlabathi khula ukhusele isizwe sakho uMvelinqangi akuphe amandla nobuhlakani bokuhola isizwe sakho. - nguNonkoliseko Alsweetha Mgangane

Mhleli

Unwele olude Hlanga Lomhlabathi. UNkulunkulu akubusise akunike ukuhlakanipha uhole isizwe sakho emadlelweni aluhlaza, Bayede.

- nguJoseph Sangweni

Mhleli

Unwele olude Hlanga Llomhlabathi Bayede ntombi zimgana engashelile.

- nguNokukhanya Mphela

Mhleli

Unwele olude Hlanga Lomhlabathi isizwe sakho siyakuthanda futhi siyaziqhenya ngawe ntandane yesizwe. Sikuthandela ukuthi kuthe mabekunyundela abakwenu bekhipha amahlazo akho emaphepheni nakomabonakude wavala umlomo wangasho lutho. Ubuqhawe nobunsizwa bukaMdlokombane okuzalayo sibubonile. Nawe zakhele elakho igama ngokuba uwe Hlangalezwe ungazenzi omunye umuntu, khula Sthuli Sika Ndaba! - nguLubanzi Motha

Mhleli

Unwele olude kuwe Ongangezwelakhe. BAYEDE.

- nguMapule Elizabeth Nhleko

Mhleli

Unwele olude Hlangalomhlabathi uJehovah akulonde, akuphephise aphinde akusingathe, uqhubeke njalo usihole singuZulu.

- nguMakhosazana Cynthia Biyela Ntshangase

Mhleli

Unwele olude Ngonyama yamaZulu asiyi ngobuqembu la sisebenza ngoZulu. - nguLungisile Ntombifuthi

Mhleli

Unwele olude Hlanga Lomhlabathi khula ube ngangezintaba zakho Bayede!! - nguMbozelihle Landy

Mhleli

Khula Hlangalezwe! Khula Silo sikaPhunga noMageba! Nwelolude...Bayede!!!

- nguZodwaz Majozi

Mhleli

Unwele olude Hlanga Lomhlabathi khula uJehova akuvikele neSizwe sakho sonkana. - ngu-Imfihlo yedlozi

Mhleli

Jehova wena unguMvelnqangi konke kwavela ngawe inkosi yamakhosi ungumbusi wababusi ungumqalisi nomphelelisi usiqalo uyisiphetho nkosi sibonga ngokusipha inkosana yesizwe sakwaZulu siyakukhothoma kuyo ngokuba iyinkosi yethu ikhulise ivikele uyembathise amandla akho uyiphe ukuhlakanipha ibuse ngobuhlakani obuvela kuwe kungabi ngokwayo kuphela makube yisibusiso ukubekwa nokukhethwa kwayo ibeyinkosi manje naphakade amen bayede Hlanga Lomhlabathi. - nguMzwandile Jobe

Mhleli

Bayede wena wendlovu unwele olude Hlanga Lomhlabathi khula ubengangezintaba zoNndi noKhahlamba siyakuthanda siyisizwe sika ulu sikhothama kuwe Hlanga lezwe.

- nguMthokozisi L Sithole

Mhleli

Khula Hlangalomhlabathi ubuse isizwe sika Zulu, nama Nguni onke athole indawo yokukhosela ngothando onalo. - nguWelile Mtshali

Mhleli

Hlanga lomhlabathi, izilokotho ezinhle, UMvelinqangi akuphe amandla ukhusele Isizwe sika Zulu no Mageba. AMaNguni wonke athole imfudumalo ngokuba nawe. Uze usikeleleke.

- nguVusamahlubi Hadebe

Mhleli

Unwele olude Ndabezitha, ukhule ubengangezintaba, Nkulunkulu asifihlele wena Hlangalomhlabathi, wena weSILO. - nguSbo Malinga Mbonambi

Mhleli

Khula Hlangalomhlabathi, khula wena weNdlovu emnyama yakithi oNdini, khula Nhlalamafini yakithi oSuthu, khula Silo eskhulu. - nguPhiwo Mabaso Madlopha

INKUNDLA YABANTU

zu-za

2022-09-30T07:00:00.0000000Z

2022-09-30T07:00:00.0000000Z

https://bayedenews.pressreader.com/article/281668258855188

Igunundu Press