Bayede News

Kwenziwe izinguquko koluthinta uRamaphosa

ngu-Anathi Mtaka

USomlomo wePhalamende, uNkk uNosiviwe Mapisa-Nqakula, usenqume ukukhipha uSolwazi uRichard Calland esigungwini esizophenya ukuthi bukhona yini ubufakazi obukhomba ukuthi uMengameli uCyril Ramaphosa angasuswa esikhundleni.

Lokhu kuhlobene nokwebiwa kwezigidi zamaDollar aseMelika epulazini likaRamaphosa iPhala Phala eminyakeni emibili edlule. UCalland, onguSolwazi wezoMthetho woMphakathi eNyuvesi yaseKapa (UCT) ubeyingxenye yesigungu samalungu amathathu okukhona kuwo uMehluleli uSandile Ngcobo kanye nomehluleli uThokozile Masipa.

UCallland wayeqokwe iqembu i-GOOD ukuthi asebenze kulesigungu. Kodwake iDA ne-EFF baphakamisile ukuphikisa ukuzimela kwakhe. I-EFF ikhiphe isitatimende yathi iyakwamukela ukuvalelwa ngaphandle ngoba uCallland ungumgqugquzeli kaMengameli futhi uzwakalise ukweseka uRamaphosa ukuthi athathe ihlandla lesibili njengomengameli we-ANC nomengameli wezwe. USotshwebhu weDA, uSiviwe Gwarube, uthi uCallland njengommeli akangabazwa kodwa wukuchema okucatshangwayo ngoMengameli.

Okhulumela iPhalamende uMoloto Mothapo echaza ngesinqumo sikaSomlomo uthe . “Njengoba sesicubungule zonke izethulo zamaqembu kanye nombono wezomthetho kaSomlomo wophiko lwezomthetho wokuthi nakuba bungekho ubufakazi bokuchema, ubuqotho bethimba buyoba ngcono uma uCallland ekhishwa esigungwini,” kusho uMothapo.

UCallland uthe usamukele isinqumo sikaSomlomo sokungamfaki esigungwini. Esitatimendeni, uvikele ukuzimela kwakhe futhi wenqaba noma isiphi isiphakamiso sokuchema. USomlomo useqoke u-Advocate Mahlape Sello ukuthi abe yingxenye yesigungu esikhaleni sikaCalland.

“USomlomo uqoke uSello, ummeli omkhulu ohlonishwayo nonesipiliyoni samashumi eminyaka kwezomthetho futhi osanda kuba kwiKhomishana ebiphenya ngokugwamandwa kwamandla oMbuso ebiholwa nguMehluleli Omkhulu uZondo ukuthi abe yithimba elizophinde aqale umsebenzi ngosuku oluzonqunywa ngokubhaliwe,” kwengeza uMothapo.

Ilungu lePhalamende leqembu iGOOD uBrett Herron lithi badumele ngokuthi uSomlomo ukuhoxisile ukufakwa kukaSolwazi Callland esigungwini. UHerron uthi siyadabukisa isinqumo sikaSomlomo.

IZINDABA

zu-za

2022-09-30T07:00:00.0000000Z

2022-09-30T07:00:00.0000000Z

https://bayedenews.pressreader.com/article/281621014214932

Igunundu Press