Bayede News

Iminwe ikhomba ubuholi bamaqembu

kwezomthetho nowake wahola amaKhomishini ahlukene njengeyokubulawa kwabantu eShobashobane ngoKhisimusi ngowe-1995. Abanye abaqokwa nguSolwazi uCheryl Potgieter kanye noAdvocate uVasu Gounden osemnkantshubomvu ezinhlelweni zokubuyisana nokuletha ukuthula nozinzo emazweni aseAfrika. Wake wayibamba nasezindaweni ezabe zinomlilo njengaseVuwani eLimpopo kanti futhi uyilungu leSocial Cohesion Comission yaKwaZulu-Natal. UMnu uSolo Mdletshe yena

Abaphenyi bokubulawa kosopolitiki. waqokwa njengoMabhalane weKhomishini.

Nembala leKhomishini yahlala yaze yenza izincomo kepha kawukho umehluko. Ngokocwaningo olwenziwa ngabeGlobal Initiative on Transnational Organized Crime (GI-TOC) kusukela ngowezi-2000 kukhombisa ukunyuka kwezigameko zokubulawa ngokulalelwa unyendle, ikakhulukazi kusuka ngowezi-2015. Ezigamekweni ezingama-418 zokusocongwa okuyamene nezepolitiki okwabikwa

kuzwelonke phakathi kowezi-2000 nowe-2021, izigameko ezingama-213 zenzeke eminyakeni eyisikhombisa eyedlule, kulezo zibalo, ezili-118 zenzeka KwaZulu-Natal. Kwimininingwane eyaqoqwa yiGI-TOC ezigameko ezintathu eminyakeni eyisithupha eyedlule kwakuphezulu ukubulawa kwabantu okusondelene nezepolitiki KwaZulu-Natal, futhi kuphezulu ukwedlula zonke ezinye izifundazwe ezweni.

Isigameko sakamuva kubulawe usekela sihlalo we-ANC kuwadi -14 uMnu uCassim Phiri. Ephawula ngenkinga yokubulawa kwamalungu eqembu , uMnu uMlondi Mkhize ongunobhala wesifunda uthe sebebahlanu abaholi beqembu lakhe ababulawe “ngaphansi kwezimo ezingaqondakali emasontweni ambalwa”.

Okusobala wukuthi izincomo zekhomishini kazisebenzi nokuthi ubuholi bamaqembu kuyehluleka ukumisa lomkhuba . Okuchaza ukuthi basazoqhubeka nokubulawa osopolitiki kwaZulu-Natal.

IKHASI ELIMBOZAYO

zu-za

2022-09-30T07:00:00.0000000Z

2022-09-30T07:00:00.0000000Z

https://bayedenews.pressreader.com/article/281590949443860

Igunundu Press