Bayede News

KWEZINYE IZINGXENYE

ETHIOPIA:

Imfucumfucu evela esitelekeni sezindiza esifundeni iTigray ilimaze iloli yeWorld Food Programme ebelithwele usizo lwalimaza umshayeli, kusho okhulumela iWFP okuwuhlaka lweNhlangano Yezizwe, olusiza ukuxhumanisa usizo lwabantu eTigray, lapho impi ecishe ibe yiminyaka emibili ibulale izinkulungwane futhi yashiya izigidi zidinga usizo. IWFP, “Ithole umbiko ngesiteleka se-drone esenzeke ngaseZana Woreda, endaweni yaseTigray Region eNyakatho-ntshonalanga ekuseni ngomhla zingama-25 kuMandulo,” okhulumela iReuters emyalezweni wakhe.

EGHANA:

I-International Monetary Fund (IMF) ikuqinisekisile ukuthi ithimba labasebenzi lizovakashela kuleli lizwe ukuze liqhubeke nezingxoxo neziphathimandla ngezinqubomgomo nezinguquko ezingase zisekelwe uhlelo lokuboleka kwe-IMF. Leli lizwe lazendlala ku-IMF ukuze lithole usizo. Ithimba labasebenzi be-IMF lavakashela lapha emasontweni amabili. AbakwaReuters babike ngesonto eledlule ukuthi ithimba le-IMF lizovakashela eGhana kuleli sonto. I-IMF, esitatimendeni , ithe ithimba lizofika ngoMsombuluko lihlale kuze kube uMfumfu ziyisi-7.

E-UGANDA:

Siyanda isibalo sababulawa i-Ebola kuleli lizwe kusukela ibheduke kabusha. Ngesikhathi sokuloba lapha bekunikwe abantu abane ababhuqwe yilesi sifo. UMnyango Wezempilo uthe kukhona abanye abantu abasahlolwa ukuthi abanaso yini. Ukuqubuka kwamanje kwe-Ebola kubonakala sengathi kwaqala esigodini saseMubende ngasekuqaleni kwenyanga ngokusho kweziphathimandla.

UMHLABA KULELI SONTO

zu-za

2022-09-30T07:00:00.0000000Z

2022-09-30T07:00:00.0000000Z

https://bayedenews.pressreader.com/article/281565179640084

Igunundu Press