Bayede News

Kunzima ukufinyelela ebantwini

Ngu-Anathi Mtaka

UHulumeni uvumile ukuthi uhlaka lweNqubomgomo yabahlwempu kaMasipala alukazifezi izinhloso zalo. Inhloso enkulu yalo mgomo ukuxhasa izigidi zemizi ehlwempu ukuze zithole izidingongqangi zamahhala ezifana namanzi, ugesi kanye nezindlu.

UHulumeni uvumile ukuthi uhlaka lweNqubomgomo yabahlwempu kaMasipala alukazifezi izinhloso zalo. Inhloso enkulu yalo mgomo ukuxhasa izigidi zemizi ehlwempu ukuze zithole izidingongqangi zamahhala ezifana namanzi, ugesi kanye nezindlu. IPhini likaNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu u-Obed Bapela uthi lo mgomo usuhlangabezane nezingqinamba eziningi selokhu wasungulwa.

Ekhuluma ngesikhathi kunenkulumompikiswano emkhandlwini kaZwelonke weziFundazwe ePhalamende, uBapela uthe ezinye zezinkinga ezikhungethe uhlelo lokuxhasa abantulayo ukuntula ulwazi nokwehluleka komasipala ukufinyelela kubantu okumele bahlomule.

“Kusenenselelo ekusetshenzisweni kwenqubomgomo yamahhala yabahlwempu. Lezi zinselelo zibonakala kakhulu, phakathi kokunye, ukuhamba kancane kokulethwa kwezidingo maqondana nokutholwa kwezidingongqangi zamahhala emakhaya ahlwempu. Abangebona abantulayo abafinyelela inkinga kanye nezilinganiso zokusebenza zohlelo. Udaba lokulethwa kwezidingo lolu hlelo olubhekene nalo wukungafinyeleli kalula kwezidingongqangi zamahhala kulabo abahlosiwe,” kusho uBapela.

Ngokwalolu hlelo, bonke omasipala kudingeka bahlinzeke ngezinsiza eziyisisekelo zamahhala emakhaya ahlwempu ngokuqoqwa kwemali engenayo ngesisekelo sesheya elilinganayo. Abantu abafanelekile babhaliswe kusizindalwazi sabahlwempu kamasipala. Abantu abanjalo bahlanganisa abantu abadala, abangasebenzi nabaphethwe izingane phakathi kwabanye.

IPhini likangqongqoshe lithi izibalo zamanje zikhomba ukuthi imindeni eyizigidi eziyishumi ibihlala ngaphansi komkhawulo wokukwazi ukukhokhela izindleko zayo phakathi kowezi-2019 nowezi-2020. Lesi sibalo singaphezu kwemindeni ehlwempu eyzigidi ezi-3.5 embikwe ngabakwaStats SA kulo nyaka. “Kulezi zibalo, kuyacaca ukuthi iningi lamakhaya abomdabu awakabhaliswa komasipala futhi abahlomuli ngesibonelelo samahhala sezidingongqangi. Izizathu eziholela kulokhu ziyehluka futhi lezi ezilandelayo, phakathi kokunye okuningi, omasipala abaningi basebenzisa indlela yokuziqondisa belindele ukuthi omasipala abaningi basuse abantulayo. Ngakho, leyo yinkinga yokuqala. Omasipala abayi kubantu. Balinde abantu beze kubo. Okwesibili, iningi labantu abahlwempu alazi nalwazi ngohlelo lwabantulayo ngenxa yokungabi bikho kwemikhankaso yokuqwashisa abantu namasu okuxhumana komasipala abaningi ngisho nangesikhathi sobuchwepheshe obuthuthukisiwe njengama-smartphones kanye nethelevishini, lapho ungabona khona yonke imijondolo isidlo,” kwengeza uBapela.

UBapela uthi iminyango nezinhlaka ezahlukene zikahulumeni kumele zisebenzisane ukuze ukuqaliswa kwalo mgomo kuphumelele.

IKHASI ELIMBOZAYO

zu-za

2022-09-30T07:00:00.0000000Z

2022-09-30T07:00:00.0000000Z

https://bayedenews.pressreader.com/article/281483575261460

Igunundu Press