Bayede News

Uneku: Izimbangi zeSundowns zisazofunda abaqeqeshi manje abasha

NguSabelo Maphumulo

Emasontweni amathathu edlule kube nesiphithiphithi njengoba kwavulwa iwindi lokudayisa nokuthenga abadlali.

Amaqembu akade ebhekwe kakhulu ukuthi angena kanjani emakethe iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates okungamaqembu aseSoweto. Obekwenza lokho yingoba la maqembu kunesikhathi agcina ukujabulisa abalandeli ngokuthi anqobe izinkomishi.

Nebala la maqembu angenile emakethe njengoba esike izinduku ezintsha ezizozisebenzisa ngesizini ezayo.

IChiefs isayinise uDillon Solomons, uKamohelo Mahlatsi noLehlogonolo Matlou abasuka kwiSwallows FC, uSiyethemba Sithebe obekuMazulu

FC, u-Ashley du Preez noZitha Kwinika abasuka kwiStellenbosch noYusuf Mart yena obeyibamba kwiSekhukhune United.

EziMnyama (iPirates) zona zisayinise uBienvenu Eva Nga no-Azole Matrose abasuka kwiChippa United, uMiguel Timm obekwiMarumo Gallants, uNkosinathi Sibisi obekwiLamontville Golden Arrows , u-Evidence Makgopa osuka kwiBaroka FC noTapelo Xoki obekuMazulu FC. Ziphinde zaqasha umqeqeshi omusha uJose Riveiro oqhamuka eSpain.

Yize la maqembu esayinile abadlali abasha kodwa angiwaboni ekwazi ukuqophisana neMamelodi Sundowns emuka nazo zonke izicoco muva nje.

Okwenza ngisho njalo, ayi ngoba ngingabaza ithalente lalaba badlali asayiniswe yila maqembu inkinga ukuthi kusamele babambe indlela yokudlala. IChiefs ezobe iholwa u-Arthur “10111” Zwane (osesithombeni) kumele abheke indlela akumele abophele ngayo, nekuzomele imnqobise. Okunye iqiniso ukuthi akanawo amava amangako kuzobe kuyisizini yakhe yokuqala le ezoqala isizini ehlezi esitulwini sokuba umqeqeshi ubehlezi eyisekela.

NakuPirates esifanayo umqeqeshi musha naye kusazomele akhe iqembu azothi uma elibophele asho ukuthi nakanjani uzobuya nawo amaphuzu.

ISundowns yona ineqembu eselidlale amasizini lindawonye, nabaqeqeshi abafanayo. Ayidedelanga muntu kunalokho isayinise isibabuli esiwuSipho Mbule obekuSupersport United. Lokhu kungenza ngiphinde ngisho ukuthi nakulesizini izobe yenza esifanayo ukuthi inqobe.

Abalandeli bePirates neChiefs abakhululeke nje ngesizini ezayo abangabheki izinto eziningi, ngoba basazokwakha.

Le nto eyenziwa iSundwons yokunqoba iligi kulandelana akuwona umlingo okanye into elula, iyisebenzele lempumelelo. Iqembu lenziwa iminyaka lakhiwa uPitso “Jingles” Mosimane.

Kuzo ezokuthengwa kwabadlali ngibona AmaZulu FC ngibona engene kahle emakethe, yize nawo kusazothatha isikhathi sokuthi bekwazi ukuhlangana. Ngekeke ngagagula amagama amaqembu engiwabona ezoba nesizini embi okungangokuba engavika izembe, kodwa ngiyawazi.

Ngeke ufike uxoshe abadlali akade bewumgogodla weqembu bese ungabe usathenga ngokwanele. ISekhukhune United nayo ngibona ithenge kahle kakhulu. Kodwa angisona isangoma akesilinde isizini yezi-2022/23 iqale sizobona.

EZEMIDLALO

zu-za

2022-07-15T07:00:00.0000000Z

2022-07-15T07:00:00.0000000Z

https://bayedenews.pressreader.com/article/281874417127214

Igunundu Press