Bayede News

Alivumi ukululama irandi lilokhu lidonse kanzima ezimakethe

ngoMsombuluko zili-11 kuNtulikazi 2022

IRandi livuleke libuthakathaka kakhulu njengoba liwu-R16.94, uma liqhathaniswa nezinga lokuvulwa kwangoLwesihlanu olwedlule lika-R16.76. IRandi livuleke lintekenteke kakhulu ngo-R20.28/ uma liqhathaniswa ne-UK Pound Sterling, i-Great Britain Pound (GBP), uma kuqhathaniswa nezinga lokuvulwa kwangoLwesihlanu olwedlule lika-R20.11.

IRandi livuleke libuthakathaka kakhulu njengoba lingu-R17.18 uma liqhathaniswa ne-Euro ye-European Union, uma kuqhathaniswa nezinga lokuvulwa kwangoLwesihlanu olwedlule lika-R17.01.

ngoLwesibili zili-12 kuNtulukazi 2022

IRandi livuleke libuthakathaka kakhulu ngo-R17.15 uma liqhathaniswa nedola lase-USA, uma liqhathaniswa nezinga lokuvulwa izolo lika-R16.94. IRandi livuleke libuthakathaka kakhulu ngo-R20.34 uma liqhathaniswa ne-UK Pound Sterling, iGreat Britain Pound (GBP), uma kuqhathaniswa nezinga lokuvula layizolo lika-R20.28. IRandi livuleke liyisicaba/lizinzile noma libe namandla kancane ngo-R17.17 liqhathaniswa ne-Euro ye-European Union, uma kuqhathaniswa nezinga lokuvula layizolo lika-R17.18.

ngoLwesithathu zili-13 kuNtulikazi 2022

IRandi livuleke ngamandla ngo-R16.98 uma liqhathaniswa nedola lase-USA, uma liqhathaniswa nezinga elithusayo lokuvulwa izolo elingu-R17.15. IRandi livuleke ngamandla ngo-R20.21 uma liqhathaniswa ne-UK Pound Sterling, iGreat Britain Pound (GBP), uPondo, uma kuqhathaniswa nezinga lokuvulwa izolo elingu-R20.34. IRandi livuleke ngamandla ngo-R17.05 uma liqhathaniswa ne-Euro ye-European Union, uma kuqhathaniswa nezinga lokuvulwa kwayizolo lika-R17.17.

ngoLwesine zili-14 kuNtulukazi 2022

IRandi livuleke ngamandla njengoba ngo-R16.96 uma liqhathaniswa nedola lase-USA, uma liqhathaniswa nezinga lokuvulwa kwayizolo elingu-R16.98. IRandi livuleke ngamandla ngo-R20.12 uma liqhathaniswa ne-UK Pound Sterling, iGreat Britain Pound (GBP), uma kuqhathaniswa nezinga lokuvulwa izolo lika-20.21. IRandi livuleke ngamandla ngo-R17.00 uma liqhathaniswa ne-Euro ye-European Union, uma kuqhathaniswa nezinga layizolo lokuvula elingu-R17.05.

IZIMAKETHE ZOMHLABA

zu-za

2022-07-15T07:00:00.0000000Z

2022-07-15T07:00:00.0000000Z

https://bayedenews.pressreader.com/article/281711208369966

Igunundu Press