Bayede News

I-Amnesty International nenselelo kuHulumeni ngezikhukhula

nguSwelihle Buthelezi

Emuva kwezinyanga ezintathu izingxenye ezehlukene zesifundazwe iKwaZulu-Natal zakhahlanyezwa yizikhukhula ezashiya kukhalwa, kubonakala kusazothatha isikhathi ukuthi kulungiswe enye ingqalasizinda nezakhiwo. Namanje ukuxhumana komphakathi kwezinye izingxenye zesifundazwe kuselukhuni satshe njengobna imigwaqo nezindlela kusemagebhugebhu. Kweminye imiphakathi kusenezikhalo eziningi ngokunqamuka kwamanzi nokuthuthwa kwendle okulokhu kwaphazamiseka ngezikhukhula. Njengoba kuzovulwa izikole ngesonto elizayo, ezinye zazo namanje azikalungiswa abafundi nothisha bazobuyela phezu komonakalo omdala. Nemali eyayihlinzekwe ukusiza imiphakathi eyakhahlamezeka kunezikhalo zokuthi ikhetha amabala. Kweminye yemiphakathi kuthiwa amakhansela asiza leyo miphakathi ehambisana neqembu layo okugcina ngokuthi abanye bazothole beyimitshingo ibethwa ngubani. Imigwaqo okubonakala isukunyelwa kakhulu ekulungisweni yileyo emikhulu exhumanisa izifundizwe njengoN2, N3 noN11 futhi ethathwa njengebambe iqhaza emgogodleni womnotho wesifundazwe. Muva nje i-Amnesty International South Africa ikhiphe isexwayiso esishubile isibhekise kuHulumeni emuva kokuhambela izindawo ezakhahlamezeka esifundazweni.

“UHulumeni waseNingizImu Afrika kumele uvuleleke, ukwazi ukuba seqhulwini futhi uthathe izinqumo eziphuthumayo uma kumele usukumele okuthinta izikhukhula ezisanda kudala umonakalo omkhulu esifundazweni,”

Lona kube ngumbono nokuphawula kwe-Amnesty International South Africa. Ithimba lalolu hlaka luhambele izindawo ezithile ezakhahlamezeka kakhulu njengaseNkabeni yeTheku, eSiphingo, eMlaza nezingxenye zoThongathi. Kusukela kwahlasel;a izikhukhula ezinye zalezi zindawo azinawo amanzi, kanti akuzwakali lapho kuthiwa uHulumeni ungenelela khona ukusiza umphakathi.

“Abantu bazizwa sengathi amalungelo abo kwezokuphepha, amanzi, ukuthuthwa kwendle, ukuhlonipheka nempilo yabo yangasese kushaywa indiva nguhulumeni. Abantu bagcina besizwa izinhlangano zomphakathi, amaqembu ezepolitiki, osomabhizinisi nabantu abangoMsamariya olungileyo. Ngenxa yokuntuleka kwamanzi nokuthuthwa kwendle abanye bagcina sebezikhulula ezigangeni,” kusho uMqondisi oMkhulu weashaye

Amnesty International eNingizimu Afrika uShenilla Mohamed.

UHulumeni usubeke eceleni imali eyi-R1 billion ukusiza ekwakheni kabusha imizi esifundazweni emuva kwezikhukhula. Ekuhambeleni kwe-Amnesty International emphakathini ithole ukuthi usizo lukaHulumeni luhamba ngonyawo lonwabu. Umphakathi uthi usebumnyameni ngokuthi ukulungiswa kwemizi yawo nokwakhiwa kabusha kwaleyo eyadilika kuzokwenzeka nini, okwenza ugcina usulahle ithemba ngohulumeni. “Sihlala ezindaweni eziminyene emahholo omphakathi nawo alimala ngesikhathi sezikhukhula. Abanye bethu banezifo ezibucayi okuphoqa ukuthi kwesinye isikhathi kuphele izinsuku singakwazi ukuthola imishanguzo. Abanye bayasaba nokuthatha imishanguzo ngoba kuzoba khona abazogcina sebazi ngokugula kwabo. Kwafika izikhulu zizosibhalisa kodwa emuva kwalokho kwacweba iziziba, sizwile nokuthi izimali zokusisiza sezikhona kodwa asazi ukuthi zigcina ziphelelephi. Akukho okuningi engingakubuza kuhulumeni ngoba akukho ukusizakala esikutholayo,” kusho uThandi ohlala emijondolo eyaziowa ngeMega Village eduze komfula uMlazi.

Sekuphele iminyaka imindeni ehlala kolindela eSiphingo ilinde umnyama ongenafu. Njalo uma linile le ndawo igcwala amanzi, umphakathi usuwabhikisha waze wakhala ungalutholi usizo. Lo mphakathi wasuswa ezindaweni ezihlukene eThekwini ngesikhathi semidlalo yeNdebe YoMhlaba ngowezi-2010 ngethemba lokuthi uzokwakhelwa imizi ezinyangeni eziyisithupha kodwa namanye usalindile.

“Noma sikwamukela okwenziwa uHulumeni ukususa umphakathi ohlala ezindaweni eziyingozi KwaZulu-Natal, kodwa sifuna uHulumeni avume ukuthi uhlulekile ukwakhela umphakathi izindlu eziphephile. Njengoba kuze kube yimanje izindlu ezathenjiswa umphakathi waseSiphingo zingakakhiwa kuveza ngokusobala ukuthi uhulumeni wehlulekile,” kusho uMohamed.

Uphinde waphonsela uHulumeni inselelo ukuba uvuleleke ngezimali ezibekwe eceleni ukusiza umphakathi ekwakheni izindlu. Uthi kumela kwaziwe ukuthi yimiphi imiphakathi ezohlomula nokuthi imali izosebenza kanjani. Lolu hlaka luthi uHulumeni kumele abe nohlelo olucacile oluzoveza ukuthi uphendula kanjani ezimweni zokuhlasela kwezikhukhula.

ILUNGELO LAMANZI

Ilungelo lokuvikeleka, ukuthola amanzi lisazoqhubeka nokuba yinselelo ngaphandle uma uHulumeni ebeka phambili ukusimamisa ingqalasizinda, imithetho ezohambisana nabantu engokuguquguka kwesimo sezulu, ukulwa nenkohlakalo nokusetshenziswa ngendlela engeyikho kwemali yabakhokhintela.

Lesi sexwayiso sikhishwe yi-Amnesty International South Africa. “Ukuntuleka kwamanzi eNingizimu Afrika kuyaqhubeka nokuba yinkinga ngenxa yokuthi uHulumeni akayibekile phambili ingqalasizinda nobuchwepheshe okwenza kube kuncane kakhulu akwenzayo ukuhlangabezana nalezi zinselelo okugcina sekushaya sonke isakhamuzi saseNingizimu Afrika,” kusho uMqondisi Omkhulu kulolu hlaka uShenilla Mohamed.

Uthi; “Ukuthola amanzi kuyilungelo lomuntu akusikho ukubonelelwa. UHulumeni kufanele aqinisekise ukuthi izinsiza njengamanzi kuvikelekile ezweni. Futhi uphoqelekile ukuba aqinisekise ukuthi izinsiza ezanele ziyatholakala ukuqinisekisa ukuthi amalungelo abantu awanyatheleki futhi lokhu kufaka nelungelolokuthola amanzi,” usho kanje. Kunezinto ezitathu ezihlanganayo ezinobingozi ekuqinisekiseni ukuba khona kwamanzi ezweni:

Ukuntuleka kwamanzi

Kuqagulwa ukuthi iNingizimuAfrika izobhekana nenhlekelele enkulu yamanzi eminyakeni elishumi ezayo futhi ngokoHlelo Lwamanzi Nenhlanzeko Kuzwelonke lowezi-2018 kuzokwehla cische ngama-17% ngowezi 2030 ukuhlinzekwa ngamanzi.

Ngaphezu kwalokho kunesikhala sokutshalwa kwezimali esikhona esilinganiselwa ezigidigidini ezingama-R265 eminyakeni eli-10 ezayo ukuhlangabezana nezinhloso zezwe zokuhlinzeka ngamanzi nangenhlanzeko kuwo wonke umuntu ezweni. Lokhu kufaka nabantu abangaphezu kwezigidi ezintathu abavele bengakwazi ukuthola ukuhlinzekwa ngamanzi kumanje eNingizimu Afrika.

Ukuswelakala kokulawulwa kwamanzi

Amaphesenti angama-37 amanzi ahlanzekile nakhekayo alahleke achitheka ngenxa yengqalasizinda esibi, njengokuvuza kwamapayipi futhi kubi kakhulu ezindaweni ezixakwe yisomiso njengaseNelson Mandela Bay lapho kulinganiselwa ukuxhaxhaza kwamanzi ukuthi kungama-29% kuloMasipala omkhulu.

“Ukungaphathwa kahle kwezimali zomphakathi nenkohlakalo eNingizimu Afrika emkhakheni wamanzi kunomthelela omkhulu ekuntulekeni kokutshalwa kwezimali emanzini ukuhlangabezana nezidingo nokuthola amanzi,” kusho uShenilla Mohamed.

“Ukuntuleka kwezomnotho wamanzi kubangwa ukuswelakala kokutshalwa kwezimali kungqalasizinda noma kuthekhnoloji yokudonsa amanzi emifuleni, emachibini nakweminye imithombo yamanzi. Okunye, imithetho yobandluulo yabanga ukuba imiphakathi eminingi ingakwazi ukuthola ukuhlinzekwa ngezinsiazakalo zamanzi nezenhlanzeko. Yize iNingizimu Afrika isineminyaka engama-28 ikudemokhrasi, ukungalingani ngokwengqalisizinda yamanzi, ngenxa yokungabi bikho kokutshalwa kwezimali wuHulumeni wamanje ikakhulukazi ezindaweni zasemakhaya, kubange ukuthembekala okuncane kabi kokuhlinzekwa ngamanzi,” usho kanje.

Ukuguquguquka kwesimokade sezulu

Ukuguquguquka kwesimokade sezulu kuzobanomthelela ekutholeni amanzi eNingizimu Afrika ngezindlela ezintathu ezibalulekile: okokuqala, amazing okushisa azokhuphuka, okwesibili, imvula izoncipha noma ingani ngokulindelekile, okwesithathu ukwanda kwezigameko zesimo sezulu okubabazekayo njengesomiso noma izikhukhula. Umbiko wakamuva uveza ukuthi umthelela wokuguquguquka kwesimokade sezulu kuzosho ukuthi iNingizimu Afrika ingazithola isnemula encane ngama-10%, okunciphisa amanzi agelezayo ngama-50 kuya ema-75% ngowezi-2025. Ososayensi bezomo zezulu bengeke babeka uguquka kwesimo sezulu okuthile kusimokade sezulu, bathe ngaphandle kokunanaza zonke izinhlobo zezigigaba zezulu zandile ngokwesikhathi ezenzeka ngaso.

I-Amnesty International South Africa ibuke izikhukhula zakamuva zaKwaZulu-Natal nenhlekelele yamanzi eNelson Mandela Bay e-Eastern Cape njangalokho okucwaningelwa phezu kwakho izigigaba ezinzima zesimo sezulu okuthikameze ukuthola amanzi aphephile, anele nathembekile.

KwaZulu-Natal izimvula ezinkulu zibange izikhukhula ezinzima lapho kubhubhe khona abntu abangaphezu kwama-400 konakala imizi engaphezu kwezi-8,000. ENelson Mandela Bay isomiso esilokhu sibelesele sigagasa ukutholakala kwamanzi aphephile, anele nathembekile ezinkulungwaneni zezakhamuzi.

Zozimbili lezi zigameko ezinzima zesimo sezulu zibonisa ukuthi kuntuleka kangakanani ukuzibophezela kanye nokusukumela izimo eziphathelene nesimokade sezulu kuHulumeni kungabhebhezela umuthelela ongemuhle wokuguquka kwesimokade sezulu. KwaZuluNatal, isimo sengqalasizinda yamanzi eThekwini ibiveli intenga ngaphambi kwezikhukhula zikaMbasa. Ngokongoti ababuzwe yi-International South Africa, ukusimamisa okuvame ukwenziwa kungqalaiizinda yamanzi kungenzeka ukuthi kudambiso isimo asaze saba sibi kakhulu kwezinye izindawo.

ENelson Mandela Bay, uMasipala uphuthumise ukuba amanzi angatholakali ilanga lonke, ngaphandle kokuqinisekisa ukuthi amanzi awaxhaxhazi ezindaweni eziningi ezikhona kulo masipala. Yize idolobha libhekene nenkinga yamanzi, iNelson Mandela Bay ilahlekelwa cishe ngama-29% amanzi ahlinzekwayo ngenxa yokuvuza kwamapayipi. Lo Masipala ubulokhu ubhekene nesomiso kusukela ngowezi-2016, ngakho-ke asikho isizathu sokuhla kungasimamiswa ukulungiswa kokuvuza kwamanzi.

“Konke lokhu kukhandana kugagase ilungelo lokuthola amanzi aphephile, anele nathembekile ezigidini zabantu,” kusho uShenilla Mohamed. “Ngaphezu kwalokho, iNingizimu Afrika iyizwe elingenawo amanzi amaningi, kudingeka inqubomigomo kaHulumeni ukubeka eqhulwini isinesekiso sokuthola amanzi ukuze kuqiniseke ukutholakala kwale nsizakalo okufanele ihlale ikhona kuyagcineka futhi kusetshenziswe ngokufanelekileyo, ikakhulukazi njengoba inhlakelele yesimo sezulu iya ngokuqina. Kufanele sifune ukuthi uHulumeni abeke eqhlwini isiqinesekiso sokutholakala kwamanzi njengoba sibhekene nenhleklele yamanzi nalo mkhakha ukhinyabezwa inkohlakalo,” engeza.

IZINDABA

zu-za

2022-07-15T07:00:00.0000000Z

2022-07-15T07:00:00.0000000Z

https://bayedenews.pressreader.com/article/281612424122158

Igunundu Press