Bayede News

Uphiko lwabesifazane lwe-ANC

NguMehluleli u-Isaac Madondo

Umbono, impokophelo, ukuzinikela, amalungelo esifazane konke kwakhandanisa ekhanda likaCharlotte Maxeke okwaholela ukuba kusunguleke uphiko lwabesifazane enhlanganweni eyayiqhoqhobelwe isiqhoqho samadoda. Yizwa kabanzi ngalo mlando.

Kusukela ekusungulweni kweAfrican National Congress (ANC) ubulungu obuqondile babantu besifazane babungavumelekile. Babengavunyelwe ukuthi bakhethe abaholi nokuthi bakhethwe ebuholini benhlangano. Babesebenza njengomunxa oncedisayo nje ezindabeni ezazithinta abantu besifazane enhlanganweni. Yibona ababehlela izindawo lapho kwakuzohlanganelwa khona nokulungiselela izithunywa zenkomfa.

UCharlotte Makgomo Maxeke

UCharlotte wazalelwa endaweni yaseGa-Ramokgopa ePolokwane (Pietersburg), esifundeni iLimpompo ziyisikhombisa ngowe-1874. Wayeyindodakazi kaJohn Ggope Mannya, owayeyindodana yenduna uMadidima Mannya wesizwe sabaTlokwa ngaphansi kweNkosi Mamafa Ramakgopa, no-Anna Manci, owayengumXhosa evela eBeaufort, e-Eastern Cape.

Uyise wayeyimfolomani esebenza emgwaqeni aphinde futhi abengumshumayeli wasePresbyterian. Unina wayenguthisha. Wayenodadewabo uKatie owazalelwa eFort Beaufort. Abazali bakhe bathutha esemncane. UCharlotte waqala ukufunda esemncane esikoleni saseMishini efundiswa ngumfundisi u-Isaac Williams Wauchope. Wayekhaliphe kakhulu kuDashi, isiNgisi, iMathematics nomculo. Wayebuye afundise abanye abafundi ababengaphumeleli kahle. Ubuqhawe nobuholi bukaMaxeke babonakala nje esemncane. UCharlotte wasuka e-Uitenhage wayofunda e-Edward Memorial School ngaphansi kukaThishanhloko uPaul Xiniwe. Waphasa kahle kakhulu esikoleni. Ngemuva kokutholakala kwedayimani uCharlotte wasuka nomndeni wakhe waya eKimberly, eNortern Cape. Ngowe-1903 washada nomfundi owayekade efunda naye eWilberforce University, uDokotela uMarshall Maxeke. Babanengane bengakashadi yashona. UCharlotte akabanga esayithola enye.

UCharlotte KaMannya Maxeke owayeyishanhliziyo nesishabasheki esasilwela amalungelo abesifazane wakubeka kwacaca ukuthi abantu besifazane kwakufanele bebengamalungu enhlangano ka-ANC futhi babenamalungelo ngaphakathi nangaphandle kwenhlangano. Kwakunguye yedwa owayemele abesifazane enkomfeni yokuqala yeSANNC ngonyaka we-1912. NgoNhlaba nangoNhlangulana wayesesifubeni somkhankaso wokuthi abantu besifazane bengawaphathi amapasi e-Free State. Ngowe-1917 uCharlotte wasungula wamisa uphiko lwabesifazane olwalubizwa ngeBantu Women’s National League kwabanguye uMengameli wayo. Okwakusekhaleni lo mzabalazo wakhe kwakuwukulwa namapasi. Eminyakeni eminingi le nhlangano yayigxile ezintweni ezabe zikhathaza kakhulu abesifazane bamaAfrika enhlalweni yomphakathi nakumkhakha wombangazwe. Enkomfeni ye-European and Bantu Christian Student Associations eyayizingamashumi amabili nesikhombisa kuNhlangulana kuya mhla zintathu kuNtulikazi ngonyaka we-1930 uCharlotte wahlaziya isimo senhlalo yomuntu wesifazane ongum-Afrika. Wathi owesifazane uyisisekelo sekhaya. UCharlotte wayekhona enkomfeni yangonyaka we-1936 neyangowe-1937 lapho wabeka ngemizwa yabesifazane ababelwela ukulingana nobulungiswa. Washona ngonyaka we-1939 eneminyaka engamashumi ayisithupha nanhlanu.

UDokotela uXuma wayenombono wokuthi inhlangano ngeke iye ndawo ngamadoda odwa. Waze wabhalela nanoMnumzane A.G Champion owayenguMengameli we-ANC eNatali ngaleso sikhathi ngalo mbono wakhe. Wabona kunesdingo esikhulu sokusungulwa kophiko lwabesifazane enhlanganweni kaKhongolose. UXuma nguyena owayeqale umkhankaso wokuthi abantu besifazane babe ngamalunga agcwele enhlanganweni kaKhongolose. Walekelela kakhulu ekusungulweni nasekumisweni kophiko lwabesifazane. UMengameli wokuqala wophiko lwabesifazane eKapa kwaba nguMaide Hall unkosikazi kaXuma okwabe kungowoHlanga wase-USA.

UMehluleli uMjabuliseni Isaac Madondo oyiPhini likaMengameli WamaJaji KwaZulu-Natal nongumbhali wencwadi ethi: Umsuka Nemvelaphi Yomuntu Omnyama. Ngaleli bhuku ungashayela ku: 082 6952800.

IKHASI ELIMBOZAYO

zu-za

2022-07-15T07:00:00.0000000Z

2022-07-15T07:00:00.0000000Z

https://bayedenews.pressreader.com/article/281535114710830

Igunundu Press