Bayede News

Ziyagabavula eNdumeni

ngu-Anathi Mtaka

Umjaho wamahhashi oba miyaka yonke kuMasipala iNdumeni uzhlomulisa abaningi. Uheha izinkumbi zabantu ezitheleka eDundee ukuzothokozela lo mjaho osuzakhele igama waba nedumela kulesi sifundazwe nakwezinye.

UNgqongqoshe Wamabhizinisi KaHulumeni, uPravin Gordhan, uthe labo sopolitiki kanye nabasebenzi bakaHulumeni abathintekayo ekugwamndweni kwamandla ombuso kufanele bagqoke ama-ovaroli asawolintshi ukuze kugwenywe ukumelana noguquko ezinkampanini zikaHulumeni.

UGordhan ubekhuluma esifundweni ebesihlelwe yiWits School of Governance ngoLwesine. Indikimba yenkulumo ibisithi “Uguquko Nokubuswa Kwezinkampani ZikaHulumeni”. UGordhan uthi ukuze kube noguquko ezinhlakeni ezingaphansi koMbuso kumele ziphathwe ngendlela efanele hhayi ukuxhashazwa okuhambisana kakhulu nezikhungo zoMbuso.

Uphinde waxwayisa izwe ngesidingo sokuqapha abantu abasezingeni eliphezulu abafuna ukugcwalisa izikhwama zabo ngokukhokhela iningi labantu, wengeza ngokuthi ukugwamanda amandla ombuso akukapheli. “Futhi kubonakala sengathi kukhona abantu phakathi kwethu, futhi mhlawumbe nangaphandle, okungenzeka abafuni ukuthi lezi zinkampani zikaHulumeni zizithole zisendleleni efanele ngoba angathanda ukuhlola ukuthi kungenzeka yini ukubanjwa kwenguqulo yesibili.”

UGordhan uthi izifundiswa kumele zenze okungaphezulu ukuze ziqinisekise ukuthi ihlaziywa kahle imfundiso yezomnotho ekhona njengamanje nebusayo ngonxiwankulu ukuze bakwazi ukubhekana namaphutha abo abhebhethekisa ukungabi nabulungiswa kwezenhlalo nezomnotho. “Kodwa namuhla, kunobumpofu bokuhlaziya noma kunobumpofu ekudluliseleni ukuhlaziywa kokuthi ubunxiwankulu abukuqinisekisi kanjani ukukhula okubandakanya wonke umuntu, intuthuko emazwenikazi afana ne-Afrika nokuthi kukhona ukulingana phakathi kwamazwe embulungeni yonke.”

UGordhan ngeziphehlimandla zakwa-Eskom

Odabeni luka-Eskom, uGordhan uthe isinqumo sikaHulumeni sokwakha iziphehlimamndla sibambezelekile ngoba kwathathwa isinqumo sokuthi izinkampani ezizimele zizakhele. “Esinye sezinqumo esasiyinselelo enkulu ngaleso sikhathi ekuqaleni kweminyaka yezi2000 ukuthi sasingekho isidingo sokuthi u-Eskom akhe ezinye iziphehlimandla, kunalokho kwakuzongena izinkampani ezizimele zizokwakha iziphehlimandla, ngemva kweminyaka embalwa kwacaca ukuthi izinkampani ezizimele azinazo. ingena ngoba amanani kagesi ayengakhangi ukwenza inzuzo, umbuso wabe usuthi kwa-Eskom, yakha iziphehlimandla.”

IKHASI ELIMBOZAYO

zu-za

2022-07-15T07:00:00.0000000Z

2022-07-15T07:00:00.0000000Z

https://bayedenews.pressreader.com/article/281522229808942

Igunundu Press