Bayede News

Usocongiwe owaseJapan

ngu-Anathi Mtaka

UMengameli waseJapan u-Abe uhambe kwelimagade ngesikhathi sokhetho. Ongahle angene ezicathulweni zakhe nguKishida okubonakele iPhalamende linokumethemba okungayiwa.

UMengameli waseTunisia uKais Saied (osesithombeni) ushicilele kugazethi esemthethweni uhlaka olusha lo Mthethosisekelo ohlongozwayo oluhlanganisa nezichibiyelo ezincane futhi olungaphazamisi amandla akhe.

Izichibiyelo zezahluko ezingama-46 zoMthethosisekelo ohlongozwayo izikhathi eziningi zincane futhi zisemthethweni, futhi ziza phakathi nokugxekwa okukhulu kohlaka olwahlongozwa nguMengameli mhla zingama-30 kuNhlangulana, abanye belubheka luvula indlela yombuso wo ndlovu kayiphikiswa.

Abalandeli bakaMengameli bathi umelana namabutho aphakeme anenkohlakalo elahle iTunisia ishumi leminyaka yokukhubazeka kwezepolitiki kanye nokuntengantenga komnotho. Encwadini eshicilelwe ku-inthanethi uthe ayikho ingozi kumalungelo nenkululeko yabantu baseTunisia.

“Wonke umuntu uyazi ukuthi iTunisia ihlukumezeke amashumi eminyaka, ikakhulukazi kule minyaka eyishumi edlule. Bathulula esikhwameni sikaHulumeni. Abampofu baba mpofu kakhulu, abakhohlakele baceba kakhulu,” kusho uSaied, esola abagxeka uMthethosisekelo wakhe “ngokunyundela, kude neqiniso”.

Iningi lamaqembu ezepolitiki kanye nezinhlangano zomphakathi ziyaphikisana nomthethosisekelo wakhe, zithi udwetshwe ngohlangothi olulodwa futhi ngeke ube semthethweni njengoba abantu baseTunisia benesikhathi esingaphansi kwamasonto amane okunquma ngawo futhi alikho izinga elincane lokubamba iqhaza ukuze uphasiswe.

Inyunyana enkulu yezintatheli ijoyine abaphikisana noMthethosisekelo yathi: “Sixwayisa ngengozi yayo emigomeni yenkululeko yabezindaba kanye nokukhuluma”. Inkululeko yokukhuluma kanye neyokushicilela ibe yinzuzo enkulu kubantu baseTunisia kulandela uguquko lwezi-2011 olwaketula owayenguMengameli ongasekho uZine El Abidine Ben Ali.

Ngisho nenhloko yekomiti ehlangane noSaied ukuze kulungiswe uhlaka lokuqala loMthethosisekelo obhalwe kabusha ithe uguquko lukaMengameli luyingozi futhi luvula indlela yombuso wobushiqela oyihlazo.

USadok Belaid, inhloko yekomiti, uthe uguquko uSaied alwethulile alufani nohlaka olulungiswe yikomiti.

IKHASI ELIMBOZAYO

zu-za

2022-07-15T07:00:00.0000000Z

2022-07-15T07:00:00.0000000Z

https://bayedenews.pressreader.com/article/281505049939758

Igunundu Press