Bayede News

Ifuna ukujabulisa uSihlalo ngokunqoba iRichard’s Bay

nguSabelo Maphumulo

UPitso Dladla ongumqeqeshi weqembu lasesifundazweni iKwaZulu-Natal iRichards Bay FC eyibamba kuGladAfrica Championship, uthi konke abazokwenza bazobe bebonga uSihlalo waleli qembu uJomo Biyela.

IRichards Bay FC iyona ezihola phambili kulogi, kule mpelasonto izodlala umdlalo wayo wokugcina. Kulo mdlalo izotholana phezulu neCape Town Spurs, emdlalweni ozobanjelwa eKing Zwelithini Stadium, eMlaza ngelesithathu ntambama ngeSonto.

“Kusukela ngaqala ukuba ngumqeqeshi angikaze ngibe noSihlalo onempatho enhle kanje. Kwala noma kuthiwa sihluliwe, uyakwazi ukuthi asikhuthaze siyithimba labaqeqeshi. Okunye ukuthi uyakwazi ukuthi ajabulise abadlali okuyibo abaqathe indima enkulu ekutheni sibe lapho esikhona namhlanje.

Ngalokho ngeSonto sifuna nakanjani ukumtholela amaphuzu amathathu, lokho kuzobe kusho ukuthi ngesizini ezayo siyogijima kuDStv Premiership” kusho uDladla.

IRichards Bay FC eteketiswa ngokuthi iNatal Rich Boyz, iyona eqhwakele ngamaphuzu angama-53 emva kwemidlalo engama-29 ilandelwa i-University of Pretoria (Tuks) yona enamaphuzu angama-51 emdlalweni elinganayo. Ukuze iNatal Rich Boyz kube yiyo eqeda iphezulu idinga ukunqoba, uma ingadlala ngokulingana bese iTuks iyanqoba ngamagoli angaphezulu kwamathathu kobe ukusho ukuthi yiyo enyukayo.

Eqhuba uDladla uthe: “Baningi abathi sidinga iphuzu elilodwa kulo mdlalo, akunjalo akekho umuntu ongena enkundleni edinga iphuzu siwadinga ephelele. Kusukela kuqala isizini sazitshela ukuthi umdlalo nomdlalo esizowudlala siwutahtha njengowamanqamu, lokho ngeke sikuguqule emdlalweni wokugcina” usho kanje.

Ephawula ngamalungiselelo omdlalo uthe: “Lona akuwona umdlalo olula neze, unzima futhi ubaluleke kakhulu. Kunzima ukudlala nabantu ongabazi ukuthi badlalelani. Abadlali beCape Town Spurs sebelivikile izembe, iningi labo lizoza kulo mdlalo lizolwela ukuthi ngesizini ezayo libe yingxenye yaleli qembu okanye lithathwe ngamanye amaqembu ekubeni thina sizobe silwela amaphuzu amathathu. Uma ungabheka lezi zinto ezizobe zilwelwa kulo mdlalo okweSpurs kungaphezulu kokuzobe kulwela yithina. Ingakho ngisho ngithi lo mdlalo uzoba nzima kakhulu, Kodwa futhi okunginika ithemba ukuthi sifuna ukunika uSihlalo weqembu isipho esihle (amaphuzu amathathu),” kusho uDladla.

Kuziwa kulo mdlalo nje iNatal Rich Boyz ngeledlule iguqise iTS Sporting esizogijima ku-ABC Motsepe League ngesizini ezayo ngamabili kwelilodwa, iTuks yona yacazelana iphuzu neSpurs emdlalweni owaphela ngama-2/2.

“Umdlalo wethu neTS Sporting wawunzima kakhulu sasiwudlala ngaphansi kwencindezi konke okwakenzeka koweTuks neSpurs sasikutshelwa abalandeli, bememeza. Kwathi sekusele imizuzu emihlanu bethi sebeyalingana thina lapho sihamba phambili, ngashaya umthandazo omncane. Ukuphela komdlalo ngavele kwezwa izinyembezi zigcwala amehlo injabulo, kodwa akukakapheli konke kuzophela ngeSonto. Njengoba sidlalela ekhaya ngenhlenhla abalandeli ukuthi baphume ngobuningi babo beze bezosiseka, lona umdlalo wamanqamu kithina” kusonga uDladla.

Leli qembu lenze okungajwayelekile ukuthi kumasizini amabili elandelana kuGladAfrica Championship libe sembangweni weligi, ngesizini edlule laqhuzuka ekugcineni lagcina lidlala imidlalo yokuhlungela ukungena kuDStv Premiership. Kulokhu konke kusezandleni zalo ukuthi libe ngompetha bowezi-2021/22 kuGladAfrica Championship.

EZEMIDLALO

zu-za

2022-05-13T07:00:00.0000000Z

2022-05-13T07:00:00.0000000Z

https://bayedenews.pressreader.com/article/281913071706810

Igunundu Press