Bayede News

Kwethulwe iloli elithambekela imvelo emayini eLimpopo

ngu-Anathi Mtaka

ISikhulu Esiphezulu se-Anglo American uDuncan Wanblad uncome ukwakhiwa kweloli elikhulu lezimayini elisebenza ngeHydrogen njengobufakazi bokuthi iNingizimu Afrika ibheke ekubeni nekusasa elithambekela imvelo futhi, uthi izimayini zizoqhubeka nokubamba iqhaza ekufukuleni umphakathi. UWanblad ubekhuluma ngesikhathi kwembulwa ubhazabhaza wemoto emayini yeplatinamu iMogalakwena, ngaphandle kwaseMokopane, eLimpopo.

UWanblad uthi izimayini ziseyingxenye ebalulekile yomnotho. “Lokhu kuwubufakazi bamandla ezobuchwepheshe kanye nophawu lokuthi imayini isihambe ibanga elingakanani. Sidinga ukufaka isandla ekwakheni imakethe ehlanzekile, ethambekela imvelo, enempilo futhi esimeme. Umphakathi wonke kufanele ube yingxenye yalolu hambo [futhi] kufanele uzuze kulolu hambo.” Iloli elikhulu lezimayini elisebenza ngehayidrojini liqokwe ukuthi lisebenze ezimeni zansuku zonke zezimayini ngezinhloso zokukhiqiza kanye nemfucuza.

Izimboni ezintsha

UMengameli uCyril Ramaphosa uthi ukwethulwa kweloli elisebenza nge-nuGen Hydrogen kuyigxathu elimangalisayo elizoholela ekwakhiweni kwezimboni ezintsha eNingizimu Afrika kanye nomnotho osimeme.

Iloli elikhulu lingathwala umthwalo wamatshe angamathani angama-290. UMengameli uthi ngokuphishekela izixazululo ezithambekela imvelo - izwe lizozuza umnotho osungula izinto ezintsha kanye namasu. “Ukuthuthukisa umnotho we-hydrogen yinto eseqhulwini ezweni lethu yingakho ngithi ngiyaphinda ngithi lesi yisinyathelo esiphusile se-Anglo American kodwa kuyigxathu elikhulu emnothweni we-SA wesikhathi esizayo wehydrogen. Ukuphikisa kwethu ukuthi kube isizinda sangempela sokukhiqizwa kwehydron eluhlaza. Kuzoholela ekwakhiweni kwezimboni ezintsha futhi ngingathanda sicabange ukuthi leli elinye igolide, elinye isizinda samadayimane.”

IZIMAKETHE ZOMHLABA

zu-za

2022-05-13T07:00:00.0000000Z

2022-05-13T07:00:00.0000000Z

https://bayedenews.pressreader.com/article/281719798178490

Igunundu Press