Bayede News

AMAZWIBELA

KwezokuThutha

Siphezu kohlelo lokubuyekeza inani lemali mayelana nokuvuselelwa kwamalayisensi ezimoto ezinkulu njengoba sekube nokukhala ngokuthi abanikazi bamaloli bakhetha izifundazwe iMpumalanga neGauteng ukuvuselela amalayisensi ngoba thina sibiza kakhulu.

Ngaphansi kohlelo lokuthutha abafundi, uMnyango unesabelo mali sika-R459 million ngo-2022/23 ukubhekela abafundi abangu-67 163 ezikoleni ezingu-397 ezifundeni zonke esifundazweni.

Sesiqaphele ukushintsha mayelana nomsuka wezingxabano emboninin yamatekisi lapho phambili ukulwa bekuphakathi kososeshini bebanga imizila. Manje ingxabano isivame ukuba ngumbango wamandla nokulawula izimali phakathi kwamalungu kasoseshini oyedwa.

Umphakathi owakhele isizwe senkosi uXolo oGwini lapho kwakhiwe khona amabhuloho amathathu ngaphansi kohlelo iWelisizwe Bailey Bridge Programme nanamhlanje ubonga awuphezi ngomsebenzi owenziwe nosuphephise abantu abaningi ebebewela kanzima emifuleni esabekayo neyingozi. Sesilwenzile ucwaningo ngamabhuloho angu-28 adingekayo kanti kuzobekwa phambili izindawo ezikhahlanyezwe izikhukhula.

KwezokuPhepha

Kulo nyaka wezimali uMnyango uzogxila ekwakheni nasekusebenziseni uhlelo lweProvincial Integrated Crime and Violence Prevention Strategy kubo bonke omasipala.

Sifuna ukwakha isimo lapho onesi nothisha bengeke babe ukudla kwezigebengu, lapho Amakhosi neziNduna bezophila ngokuphepha khona. Kodwa uhulumeni noma amaphoyisa ngeke akwenze lokho ewodwa. Njengemiphakathi sidinga ukubumbana silwe nobugebengu.

Uhlaka lweJustice, Crime, Prevention and System Cluster (JCPS) nalo lushayekile ngezikhukhula njengoba silahlekelwe ngabasebenzi kwathi abanye bathola ukulimala. Iziteshi zamaphoyisa ezingu-30 zithintekile ngaphansi kwezifunda Ugu, iTheku, Umgungundlovu, iHarry Gwala naMajuba. Ezinye ziasale nophahla oluvuzayo, ezinye zineminkenke ezindongeni lapho kungena amanzi ngaphakathi esakhiweni.

Sekwakhiwe iProvincial Task Team enamalungu angu-12 ukuphenya amacala aphathelene nokubulawa kweziNduna namaKhosi. Babalelwa ku-25 abasolwa asebeboshiwe babekwa amacala kanti abanye sebegwetshiwe. Uhulumeni obusayo uyalihlonipha futhi uyalazisa iqhaza labaholi bendabuko emiphakathini nokungakho sifuna ukuqinisekisa ukuthula, uzinzo, nobunye kulesi sakhiwo.

USHICILELO LWESABE0L4OMALI - 2022

zu-za

2022-05-13T07:00:00.0000000Z

2022-05-13T07:00:00.0000000Z

https://bayedenews.pressreader.com/article/281668258570938

Igunundu Press