Bayede News

Amanzi angaphinda ame: Isifiso sokubuya adlale phesheya singafezeka kwekaMbane

Besizimisele ngokubuya nendebe ngoba besazi ukuthi kulo mdlalo besimele besimele iNingizimu ne-Afrika

nguZipho Singela

Ulibona lifezeka maduze iphupho lakhe lokubuyela phesheya kwezilwandle umdlali weMamelodi Sundowns neBanyana Banyana uBambanani ‘’Juice” Mbane oyibamba esiswini.

Muva nje, uMbane ubambe elikhulu iqhaza iSundowns iphakamisa isicoco seCaf Champions League ebise-Egypt.

ABanyana Ba-style bathele othulini iHasaacas yaseGhana ngama-2/0 kowamanqamu eChampions League.

UMbane exoxa nelaboHlanga uphumele obala ngesifiso sakhe sokuyogijima phesheya kwezilwandle.

“Ngijabule ngokunqoba iChampions League. Le nto isho lukhulu kimina kanjalo nozakwethu. Akuzange kubelula kodwa ukubambisana nokuba yibumba yikona okusenze saphumelela. Besizimisele kakhulu ngokubuya nayo indebe ngoba besazi ukuthi asimele iSundowns kuphela kodwa simele Iningizimu ne-Afrika yonke. Ngeneme ngendlela engidlale ngayo futhi iphupho lami lokubuyela phesheya sengilibona liseduze,” kusho uMbane.

ISundowns iyona futhi ezihola phambili kuHollywoodbets Super League. Ihlezi esicongweni ngamaphuzu angama-62 emidlalweni engama-23. Avule igebe lamaphuzu ayisithupha kuTshwane University of Technonology eyibambe endaweni yesibili.

“Lapha ekhaya sengisinqobile isicoco seligi neseChampions League. Njengamanje sengibheke ukunqoba eseAfrica Cup of Nations neBanyana Banyana bese ngifezekisa iphupho lami lokubuyela phesheya. Yizona izinto ezinkulu engiphupha ngazo nengizisebenzela mihla namalanga. Nginethemba lokuthi ukubekezela nokusebenza ngokuzikhandla kuzothela izithelo ezinhle,” kuqhuba uMbane.

UMbane uke wadlala phesheya kwezilwandle isikhashana esincane kodwa waphazanyiswa wukhuvethe.

Ngo-2020, ujoyine iDinamo Minsk yaseBelarus. Kuleli qembu akazange ahlale isikhathi eside kulandela ukubhebhetheka kokhuvethe oluphoqe ukuthi zimiswe ezemidlalo eBalarus ngoba izwe bese lingene ezigabeni zikathanqa.

‘’Ukunqoba lapha kuSundowns yinto ewusiko. Wonke amaqembu aziwa ngokunqoba. Yingakho nathi uma singena enkundleni sihlale sicabanga ngokunqoba. Injabulo yeChampions League isidlulile manje. Sesibheke ukwenza kahle emidlalweni yeligi esele. Sizimisele ngokuvikela isicoco sethu ukuze sihlabane ngelinye ithuba lokuyodlala kuChampions League ngonyaka ozayo. Imidlalo esibhekene nayo ayilula neze ngoba wonke amaqembu esibhekene nawo kweyeligi afuna ukusihlula. Ukunqoba kuza naleyo ngcindezi. Iqembu osuke ubhekene nalo lisuke likhuthazeke ngokuphindiwe,” kuchaza uMbane.

Abadlali beSundowns bathenjiswe amabhonasi ka-R200 000 umdlali ngamunye uma benqoba iChampions League.

“Kithina indaba yemali akuyona into esiyifaka kakhulu emqondweni. Yebo, sisebenzela yona kodwa akuyona into esigqugquzelayo ngaphezu kwakho konke. Ibheji yilona elisigqugquzelayo. Ukudlalela iqembu elikhulu njengeSundowns yinto enkulu. Sizizwa sikhethekile ngokudlalela leli qembu. Ngakho asikwazi ukona umlando weqembu wokunqoba. Nathi sifuna iSundowns ihlale ibalwa namaqembu amakhulu ebhola emhlabeni. Yingakho-ke ngaso sonke isikhathi uma singena enkundleni sihlale silwela ukunqoba. Imali iza kamuva. Imiphumelelo yeqembu iyona esiyibeka phambili. Phela ibhola yinto esegazini kithina. Sibusisiwe ngoba iphinde ibe ngumsebenzi kithina.” kuphetha uMbane.

ISundowns ebizihola phambili kuHollywoodbets Super League yenze isiqiniseko sokuthi isicoco sihlala eChloorkop ithela othulini iJVW ngo 2-1 obuseGroenkloof Stadium ngoLwesithathu ebusuku.

Amagoli eSundowns abaselwe enethini ngu-Andisiwe Mgcoyi noChantelle Essau kwathi elokubika leJVW lanamatheliswa enethini nguCimone Sauls.

Labo mpetha beChampions League bahlezi esicongweni ngamaphuzu angu65 emidlalweni engu-23. Ivule igebe lamaphuzu ayisishiyagalolunye kuTshwane University of Technonology eyibambe endaweni yesibili.

ISundowns iyona vele ebivikela isicoco seligi esidle ngesizini edlule. Lokhu kusho ukuthi iSundowns isinqobe izicoco ezimbili esikhathini esingangesonto.

EZEMIDLALO

zu-za

2021-11-26T08:00:00.0000000Z

2021-11-26T08:00:00.0000000Z

https://bayedenews.pressreader.com/article/282033330465055

Igunundu Press