Bayede News

Nakulokhu i-EFF ihlomule ngokuphathiswa izikhiye

- nguNtobeko Shozi

Leli qembu laya ezingxoxweni zokwakha imikhandlu ngokubambisana ngezinhloso ezimbili, eyokuqala okungukuguqisa i-African National Congress (ANC) emikhandlwini eyizizinda zomnotho kuleli okungabalwa kuwo iTshwane, eThekwini, iJohannesburg, eKurhuleni naseNelson Mandela Bay. Le mikhandlu ayigcini ngokuba izizinda zomnotho kuleli kodwa iphinde ibe yingxenye yedlanzana lemikhandlu yakuleli ezimele, ayikho ngaphansi komkhandlu oqoqa omasipala besigceme.

Isibonelo kulokhu okunguMasipala iNkosi uMtubatuba wona ongumasipala ongaphansi koMkhandlu uMkhanyakude, okuchaza ukuthi kunamandla okuthatha izinqumo angekho kumasipala kodwa akumkhandlu anjengokuhlinzekwa kwamanzi, ukwakhiwa nokulungiswa kwemigwaqo kanye nokwakhiwa kwezindlu, nezindlu zangasese.

ITshwane, eThwekwini, iJohannesburg, eKurhuleni neNelson Mandela Bay kanye neminye imikhandlu bona abakhothami kumuntu uma kumele bathathe lezi zinqumo. Kulemikhandlu i-Economic Freedom Fighters (EFF) ivotele ukuvuna ukuqokwa kweMeya nosomlomo beDemocratic Alliance (DA) ukunqanda ukubuyela emandleni kweANC. Lokhu kwenzeke nakuba ngeviki eledlule iDA imemezele ukuthi ayifuni ukusebenzisana ne-EFF ibala ukuthi leli qembu layijikela kuMkhandlu iNelson Mandela Bay ngowezi-2018 ngesikhathi lisonga izandla i-ANC ifaka umuzwa wokungabethembi ubuholi bukaMnu u-Athol Price Trollip nakuba babazi ukuthi lizobaseka.

I-EFF yaphinde yasonga izandla naseTshwane ngowezi-2019 ngesikhathi i-ANC ifaka umuzwa wokungabethembi ubuholi bukaMnu uSolly Msimanga. IDA iphinde isole i-EFF ngokufaka amatomu kuMnu uHerman Mashaba ngesikhathi eyiMeya yomkhandlu iJohanesburg ngaphambi kokusula kwakhe ngowezi-2019 njengoba lalimsabisa ngokuthi uma engalaleli izinhlelo zalo okungabalwa kuzo ukuqashwa ngokugcwele konogada nabaqoqi bemfucuza ngumkhandlu okungenjalo nakuye lizosonga izandla uma kwenzeka kuba khona abafaka umuzwa wokungabethembi ubuholi bakhe.

Ngokusho komholi weDA uMnu uJohn Steenhuisen, i-EFF iyiqembu ongeke wakha ubudlelwano bokusebenzisana nabo ngoba uma ijaha ukukudonsa ngekhala ikusabisa ngokuthi izosonga izandla uma kuba khona abafaka umuzwa wokungabethembi ubuholi bakho. Ngokwepolitiki, ukuyivotela ngenkani i-DA kulemikhandlu eyizuzile iTshwane, e-Ekurhuleni naseJohannesburg kusho ukuthi njengowezi-2016, i-EFF iyaqhubeka nokuphatha izikhiye zepolitiki yalemikhandlu. Okusho ukuthi iDA izithola isikunoxhaka waleliqembu. Emkhandlwini iJohannesburg iDA yathola amavoti angama-26.14%, i-ActionSA yathola angama-16.05%, i-EFF yathola angama-10.63%. Kumkhandlu Ekurhuleni iDA yathola amavoti angama-28.72%, i-EFF yathola ama-13.47%, i-ActionSA yathola ama-6.6%, i-Freedom Front Plus yathola ama-3.3%. Kumkhandlu iTshwane iDA yathola amavoti angama-32.02%, i-EFF yathola ama-10.69%, i-ActionSA yathola ama-8.64%, iFreedom Front Plus yathola ama-7.87%.

Lokhu kuchaza ukuthi akukho namunye umkhandlu kulaba ababaliwe iDA engabusa khona ngaphandle kweEFF njengoba lokhu kuzoyehlisela ngaphansi kwamaphesenti angama-50. Lokhu iDA ekade ithi iyakubalekela ukuze ingazitholi ingaphansi kukanoxhaka weEFF izithola isingaphansi kwakho. Lokhu kuchaza ukuthi kusukela manje kuze kuphela iminyaka emihlanu leliqembu kumele liyibekezelele i-EFF uma lisafuna ukuthi uDkt uMpho Phalatse aqhubeke njengeMeya yoMkhandlu iJohannesburg, uMnu uRandal Williams aqhubeke njengeMeya yoMkhandlu iTshwane, uNkz uTania Campbell aqhubeke njengeMeya yoMkhandlu i-Ekurhuleni.

Ne-Inkatha Freedom Party (IFP) icishe ibe sogibeni olufanayo neDA njengoba KwaZulu-Natal i-EFF ivote naleliqembu kumasipala uMhlathuze, kwaNongoma naseNewcastle. Umehluko phakathi kwalawa maqembu ukuthi lapho khona i-EFF evotisane ne-IFP ihlomule ngesikhundla sokusekela iMeya okanye sikasomlomo.

Lokhu kuchaza ukuthi ukuphazamiseka kombuso we-IFP kusho ukuphazamiseka kwayo nayo i-EFF, okuwenza kube ngumsebenzi wawo womabili lawamaqembu ukuthi avikele ukusebenza nokuba nozinzo kulabomasipala. Bukhona ubungozi kuEFF ngokuvotisana neDA ephelezelwa nayiFreedom Front Plus emikhandlwini yaseGauteng. Ubungozi ukuthi leliqembu lakhankasa egameni lokuthi umhlaba nemisebenzi angeke kwatholakala uma kusabusa i-ANC nabamhlophe. Nakuba leliqembu likwazile ukuguqisa i-ANC kodwa libonakala liphikisana nokunye elithi likumele okungukunqanda amandla kwabamhlophe abasaqhoqhobele umhlaba ongama-74% kuleli. Kunobungozi bokuthi amanye amaqembu engakwazi ukukusebenzisa lokhu njengokubaveza njengabanolwimi olumbaxambili kwazise kusukela ngokhetho lwangowezi-2016 leliqembu livotisana neDA, yona uma bekhankasa bethi abayifuni kakhulu. Okuhle kakhulu ku-EFF kulolu khetho ukuthi selithole impelesi i-ActionSA umholi wayo uMashaba osezisholo yena ukuthi ofuna ukukhuluma naye akazi ukuthi uza ne-EFF. Lokhu kwenza ukuthi isiqgi saleli qembu sikhule njengoba lingasahambi lodwa selithole iqembu elizobelethana nalo.

Kukodwa iDA engaziphungela ngakho ku-EFF okungukusabisa ukubuyisela imikhandlu ku-ANC. Lokhu kusabisa yikho okusebenzile kulokhu njengoba leliqembu lizihlomulele ngemikhandlu emithathu yaseGauteng kodwa akwazeki ukuthi leliqhinga lizokwazi yini ukuyisebenzela kuze kuphele iminyaka emihlanu ibusa kulemikhandlu. Kulula kuDA ukuthi isebenzisane ne-ANC becazelane imikhandlu noma kungase kwakhe isithombe esingesihle lokhu kwabayivotelayo kwazise ingxenye enkulu yomkhankaso waleliqembu yayingukuveza i-ANC njengenkinga edinga ukugudluzwa. I-ANC yona inethuba lokuthi mhlazana luhlakazeka umbimbi lwe-DA, i-EFF namanye amaqembu kube yiyo ebuyela emandleni njengoba lokhu kwenzeka ngowezi-2019 eJohannesburg kusula uMashaba.

INKUNDLA YABANTU

zu-za

2021-11-26T08:00:00.0000000Z

2021-11-26T08:00:00.0000000Z

https://bayedenews.pressreader.com/article/281956021053727

Igunundu Press