Bayede News

Ayingalinge nangengozi isivale amehlo indali yeBlack Friday kulokhu

Namuhla usuku olujatshulelwa kakhulu ngabathengi abasuke bebheke izaphulelo ezintweni eziningi abakade bezilangazelela kodwa amandla engahlangani. Lolu suku olubizwa ngeBlack Friday osekuneminyaka lwenzeka e-USA njengoba nakuleli sekungathi ngolwabo.

Bekuvamise ukuthi kube wusuku olulodwa kuphela njengoba kwenzeka phesheya kwezilwandle, kepha kuleli sekuba yintambo yezinsuku kucace nje ukuthi sekukhona nokuluthwa kwabantu. Eminyakeni edlule ngaphambi kokufika kokhuvethe nemisebenzi isekhona, abantu bebevuka kusempondozankomo beyoshaya ujenga ezitolo belindele ukuba ngabokuqala uma kuvulwa iminyango.

Akubona bonke abantu abalahlekelwe yimisebenzi, kwashintsha nesimo sempilo yabo. Basekhona nalabo abazophuma ekuseni beyolindela ukuqala kwendali ezitolo. Kulesi sikhathi esinzima esiphila kuso, kungakuhle abantu bakithi bathenge lezo zinto abazidinga ngempela futhi ngoba zisendalini.

Kuyaye kungazwakali kahle uma ubona umuntu ethenge impahla ethile endalini esitolo thizeni ngentengo abecabanga ukuthi iphansi, kodwa uthi uma usuyibona kwesinye uthole ukuthi ingaphansi kakhulu ngentengo. Okunye abantu okudinga bakuqaphele kule Black Friday ukuthi kungenzeka bashaywe ngemfe iphindiwe ngentengo yezimpahla njengoba kusanda kungenwa ezitolo kwathathwa yonke into ezinye zaze zathungelwa ngomlilo.

Asicabangi ukuthi sikhona isitolo esadlonjwa sashiywa namashalofu ngoNtulikazi, osekungathi manje sesinxenxa abantu ukuthi beze kuso ngenxa yemititilizo yeBlack Friday. Sazibonela ngawethu izimpahla zikanokusho zitatshwa ezitolo okumanje zigcwele imizi. Okunye okuqaphelekayo ukuthi ezintweni eziwukudla ezikhangiswayo ngentengo ephansi iningi lazo, zihamba ngazintathu kuya phezulu.

Asiqikelele ukubheka izinsuku zokuphelelwa isikhathi, nokuthi wena nomndeni wakho niyakudinga yini ukudla kwenani elingaka. Kulabo abanamandla enele okuhambela le ndali ezitolo, sengathi bangasebenzisa leli thuba nokucoshela labo abangenakho. Bekuyisikhathi esikahle sokuthi lamakhansela akhethwe zolo lokhu asebenzise leli thuba ukuya emphakathini eyobonga ngezipesheli zalolu suku. Uma usuphuma nenqola inyinyitheka akube ukuthi uthenge izinto ezimqoka ozidingayo futhi ezizokusiza isikhathi eside. Alikho icala ekutheni uma ungasiboni isidingo sokuthenga into ngoba ukholelwa ukuthi isaphulelo sincane kakhulu, uhoxe kunokuba uze uziklinye ngoba nakhu ufuna ukuthi wathenga into ethile ngeBlack Friday. Asithenge sibuye nganeno sikhumbulule ukuthi izikole, uphethroli kuyanyuka.

IZINDABA

zu-za

2021-11-26T08:00:00.0000000Z

2021-11-26T08:00:00.0000000Z

https://bayedenews.pressreader.com/article/281904481446175

Igunundu Press