Bayede News

Ukusebenza kwesigcawu sokulalelwa kophenyo lukazwelonke kukanje

Isigungu sizophenya, sihlanganise imiphumela yophenyo, sibike bese senza izincomo kanye noma imiyalelo emaqondana nale minxa ebanzi elandelayo:

Imbangela yezibhelu zangoNtulikazi, ikakhulu esifundazweni saseGauteng nesaKwaZulu-Natal.

Izimbangela zokuhlaselwa kanye nokubulawa kwabantu okusolakala ukuthi kugqugquzelwa ubuhlanga ezweni.

Izimbangela zokuhluleka kwezinhlaka zomthetho ukuqinisa umthetho, ikakhulu uPhiko Lwezamaphoyisa aseNingizimu Afrika; kanye neqhaza lezinkampani ezizimele zezokuvikela ngokumaqondana nezibhelu.

Izimo zezenhlalo, zomnotho, zendawo kanye nezepolitiki ezidlangile ezindaweni ezehlukene ezithintekile kanye nokuthi lezi zimo zabamba iqhaza elingakanani ekudlondlobaliseni izibhelu.

IZINDABA

zu-za

2021-11-26T08:00:00.0000000Z

2021-11-26T08:00:00.0000000Z

https://bayedenews.pressreader.com/article/281874416675103

Igunundu Press