Bayede News

Ngale kokhetho: Konke sekwedlule manje akusetshenzwe

Sekungumlamdo ukuthi ngobani abaphumelele nabakhale ngaphansi okhethweni lwezindawo. Namuhla sesiyazi ukuthi ngobani abaqokelwe ezikhundleni. Lona kubukeka kube ngumdlalo omuhle yize eminye imiphumela abanye ibethusile kepha okwenzekile kube yintando yabantu. Kuningi esingakufunda lapha kakhulukazi mayelana nalokho okungenzeka ukuthi kufunwa noma kukhalisa abavoti.

Ngokubuka imiphumela siyabona ukuthi abavoti alikho iqembu abalethemba ngokuphelele. Ngenxa yalokhu abavoti banike cishe wonke amaqembu ithuba lokhuhlala etafuleni lokwenza izinqumo. Ngalokhu abavoti baphoqe amaqembu ukuba asebenzisane noma abambisane.

Elinye iqiniso noma umlayezo kule miphumela ngothi abantu kabaneme nge-African National Congress (ANC). Kabaneme kokudakwa ngumbuso kwabaholi namalungu aleli qembu. Namuhla ngenxa yalokhu uKhongolose uliqaqa iningi lamaqembu liziqhelelanisile nalo.

Khona ngalesi sikhathi sibone kuklonyeliswa amaqembu athile okungabalwa i-Inkatha Freedom Party (IFP) nePatriotic Alliance, i-Action SA namanye. Nawo la maqembu aklonyeliswe nje athwesa ijoka lokuletha izinguquko

Okunye okusobala wukuthi abavoti bathi akusetshenzwe. Bathi bakhathele yizethembiso abazizwa nsukuzaphuma. Bathi akulungiswe udaba lwamanzi, ugesi, olwezindlu nezinsiza zomphakathi. Ubuhlakani lapha wukuthi abavoti bayazi ukuthi ukungenzi kahle kweqembu elikhulu kunamanye kusho ukuthi wonke kumele asebenzisane ukuze lezi zimfuno zifezeke.

Lokhu kusho ukuthi umhlaba wonke ubheke ngabovu ukuthi la maqembu azokwazi yini ukulibusa ebambisene. Abavoti bazobe bebuka ukuziphatha kwabaholi nala maqembu ngenhloso yokubona ukuthi ngabe ivoti labo libafanele yini labaholi ngowezi-2024.

Ngakho sithi awuqhubeke umdlalo omuhle, umvoti akaqhubeke nokuba yilokhu ayikho manje . Konke sekwedlule akusetshenzwe.

UNks u-Ellen Johnson Sirleaf wazalelwa eMonrovia, eLiberia. Washada ngowe-1955 futhi, ngowe-1961, wahamba nomyeni wakhe baya e-US, lapho afundela khona ezomnotho eHarvard University nakwezinye izikhungo. Ngemva kokubuyela eLiberia, wasebenzela uHulumeni, kuhlanganise noNgqongqoshe Wezezimali, ngaphambi kokuketulwa kwezempi ngowe-1980. Ngemva kokusebenza embonini yamabhange naseNhlanganweni Yezizwe Ezihlangene, wahlulwa okhethweni lukaMengameli waseLiberia ngowe-1997. Kamuva wakhethwa njengomengameli ngowezi-2005 wabe esephinde wakhethwa ngowezi-2011. UNks u-Ellen Johnson Sirleaf unezingane ezine. Njengenhloko yezwe yokuqala yesifazane owake wakhethwa ngokwentando yeningi e-Afrika, usebenzele ukukhuthaza ukuthula, ukubuyisana kanye nentuthuko yezenhlalakahle nezomnotho.

IZINDABA

zu-za

2021-11-26T08:00:00.0000000Z

2021-11-26T08:00:00.0000000Z

https://bayedenews.pressreader.com/article/281629603539231

Igunundu Press